Izovela maduze enkantolo indoda eyamaniswa nelokubulala eMlazi

Amaphoyisa aseThekwini athungatha abasolwa abathathu abayamaniswa necaleni lokubulala elihlobene nemboni yamatekisi, kanti sekuboshwe indoda eyodwa.

U-Mohammed Hammid wadutshulwa wabulawa ngoJuly ngaphandle kwesitolo sokudla eMontclair, eningizimu yeTheku.

Kukholakala ukuthi waya khona ehamba nonkosikazi wakhe beyohlangana nomnikazi wamatekisi okusolwa ukuthi wamthembisa imvume yokusebenza ukuze ajoyine usoseshini wendawo.

OLUNYE UDABA: Lihlehlile elosolwa kwelokubulala uMagaqa

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uRobert Netshiunda uthe ngesikhathi uHammid elinde unkosikazi wakhe esitolo, kwaqhamuka enye imoto kwathi ababephakathi kuyo bavulela ngenhlamvu.

“UHammid wahlonzwa njengoshonile khona endaweni yesigameko kanti nesibhamu sakhe esinelayisensi satholakale kuye. Amaphoyisa kamasipala abesendaweni abone le moto ebihamba budedengu kuSouth Coast Road ayilandela.

“Abasolwa bashiye imoto babaleka, oyedwa ubaleke ngonyawo kwathi abanye bangena emotweni yohlobo lweToyota Etios ebomvu babaleka. Kutholwe isibhamu sohlobo lwe-R5 namamagazini amabili nenye i-handgun phakathi emotweni yabasolwa.”

UNetshiunda uthi icala lidluliselwe ophikweni lweProvincial Taxi Violence Unit, oluthungathe umsolwa eMlazi ngesonto eledlule ngoLwesine.

Umsollwa uzofaka isicelo sebheyili enkantolo kuleli sonto.