Kusaqhubeka ukubhebhetheka kwesifo samatele eKZN

UNgqongqoshe Wezolimo uJohn Steenhuisen uthi i-biosecurity ingumthwalo wawo wonke umuntu, kanti futhi ukwehluleka ukulandela imithetho yikho okusabalalisa izifo.

NgoMsombuluko, unikeze isibuyekezo ngokuqhubuka kwesifo samatele.

Singaphezu kuka-270 isibalo esiqinisekisiwe semfuyo enesifo samatele ezifundazweni ezinhlanu.

OLUNYE UDABA: Kuqinisekiswe ukubheduka kwesifo samatele eFree State

“Esifundazweni saKwaZulu-Natal, ukubheduka kwalesi sifo kuqhubekile nokubhebhetheka entshonalanga njengoba sekunesibalo esiqinisekisiwe semfuyo enesifo samatele ezindaweni ezahlukene okubalwa; eDundee, Dannhauser, Newcastle, Alfred Duma, Okhahlamba, uMshwathi, eDumbe, eMadlageni,” kusho uSteenhuisen.

“Ngenhlanhla, lesi sifo sibukeka sesehlile engxenyeni esempumalanga yendawo yokulawulwa kwezifo, nakuba kubheduke izifo ezingu-180 esifundazweni saKwaZulu-Natal.”

USteenhuisen uthi indali ngoFebruary yasabalalisa isifo samatele sisuka eKZN sangena eMpumalanga.

Uthe izinyathelo ezisheshayo zibandakanya ukukhuphula ukukhiqizwa komgomo.

Newswatch