Kuthungathwa abasolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali eNewlands West

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aseqalile ukuthungatha iqembu lezigelekeqe elibambe inkunzi imoto yemali lihlome ngezibhamu endaweni yaseNewlands West enyakatho yeTheku.

Amaphoyisa aphenya amacala okubamba inkunzi imoto yemali, ukuzama ukubulala kanye nokubamba inkunzi kuhlonyiwe.

Kusolwa ukuthi leli qembu liqhumise iveni lemali ngeziqhumane eceleni kwaseNewlands Expressway ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: Kubanjwe imoto yemali eCottonlands, kzn

Amathimba ezimo eziphuthumayo athi izakhamuzi eziningi zibike ngokuthu zizwa ukuqhuma kweziqhumane kanye nokuqhuma okukhulu kwezibhamu eduze nasenxanxathlela yezitolo iMidway.

Kudaleke umonakalo ezimotweni ezintathu ngesikhathi sesigameko. Eyodwa yalezi zimoto ilinyazwe yiziqhumane kanti ezimbili zidubulekile.

Okhulumela amaphoyisa esifundazwe uRobert Netshiunda uthi abasolwa babaleke nesamba semali nezinto ezibalulekile ezingadalulwanga.

“Kubikwa ukuthi abasolwa abebehlomile bavimbe imoto yemali, badubula bebhekise kuyo baphuca unogada isibhamu sakhe omunye unogada waphuthunyiswa esibhedlela kulandela ukulimala ukuze ayothola ukwelashwa okwengeziwe.

“Kuphinde kwaphjucwa isibhamu iphoyisa elalingekho emsebenzini lilibangise ekhaya.”

Newswatch