URamaphosa udlulise amazwi enduduzo emindenini ethintekile engozini yebhasi eLimpopo

UMengameli uCyril Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo kwizakhamuzi zaseZimbabwe nezaseMalawi ezishonelwe ngabathandiweyo babo engozini yebhasi eyenzeke ngaseLouis Trichardt eLimpopo, ngeSonto ntambama.

Esitatimendeni, uMengameli uthi lesi sigameko siyinhlekelele eNingizimu Afrika nakula mazi zindawo.

Kushone izivakashi ezingu-42 esigamekweni esenzeke ku-N1 ngeSonto ntambama zilibangise emazweni abo besuka eGqeberha, e-Eastern Cape.

OLUNYE UDABA: Izingozi eziningi emgaqweni ‘eshelelayo’ yase-KZN

URamaphosa uthi uyazwelana nemindenini, abangani kanye nozakwabo bezisulu wabe esefisela inqwaba yabalimele ukululama okusheshayo.

UMengameli ubalule ngokudabuka ukuthi lesi sigameko senzeke ngenyanga yezokuthutha, lapho uhulumeni egxile kakhulu ekubalulekeni kokuphepha emgaqweni yakuleli.

Ngaphezu kwalokho, abeRoad Traffic Management Corporation (RTMC) bathumele ithimba labaphenyi bezingozi eLimpopo ukuze liyothola imbangela yengozi.

SABC