
Abezimo eziphuthumayo banxuse abashayeli ukuthi bahlale beqaphile emigwaqeni eswakeme yaseKZN kulandela izimvula ezinamandla ngoSuku Lwamagugu.
Amalungu osizo lokuqala e-ALS Paramedics athi ahambele izingozi eziningi ku-M13 ngaseKloof ngoLwesine ekuseni.
Izingozi ezimbili lapho kushayisane khona izimoto eziningi phakathi komgwaqo iMaytime kanye nePioneer off-ramp kushiye abantu ababalelwa ku-18, iningi labo okuyizingane zesikole, belimele.
OLUNYE UDABA:Kuvulwe awokubulala ngokungenhloso kulandela ingozi eyenzeke ku-N2
“Ngingaluleka abashayeli ngokuthi bayigweme yonke le ndawo. Indawo yesigameko isaqhubeka kanti uma izisulu, iningi lazo okuyizingane sezisesimeni esikahle, zizohanjiswa ezibhedlela ezahlukene zasemadolobheni ukuze zizothola ukunakekelwa okwengeziwe.”
Ngasohlangothini olubheke eMgungundlovu ku-M13 kushiswe imoto.
“Ababili abebephakathi bakwazile ukubalekela noma yikuphi ukulimala, aboMnyango wezeMlilo eThekwini basheshe bafika endaweni yesigameko babhula umlilo obuqubuke emotweni,” kusho okhulumela i-ALS, uGarrith Jamieson, ngesikhathi enxusa abashayeli ukuthi baqaphe kakhulu, njengoba eminye imizila isashelela.
“Kufanele yome emini, kodwa ngenxa yemvula ene izolo, imfucumfucu eningi isikhukhulekile kuma-gutter kanye ne-drainage. Ngakho-ke sicela uqaphele uma ushayela.
