
Kubikwa ukuthi izingane ezineminyaka eyisithupha neyishumi ubudala kanye nomama wazo bashayiswe yimoto ngesikhathi bezama ukuwela umgwaqo izolo ebusuku.
Umama uphuthunyiswe esibhedlela esiseduze esesimeni esibucayi.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uNdabezinhle Sibiya, uthe osonhlalakahle bajutshwe ukuthi beseke umndeni.
OLUNYE UDABA: Kushone izingane ezimbili kwalimala nowesifazane ozithwele engozini eyenzeke ku-N2
USibiya uphinde wexwayisa abantu abahamba ngezinyawo ukuthi bahambe ezindaweni ezifanelekile okanye ezimakiwe neziphephile uma bewela umgwaqo.
“Sicela imiphakathi ukuthi yenze lokhu okulandelayo: Sebenzisa indawo emakelwe abantu abahamba ngezinyawo zokuwela umgwaqo; wela endaweni esezmpambanweni zomgwaqo ezimakelwe ukuwela abahamba ngezinyawo, noma weqe endaweni lapho abashayeli bengakubona kahle khona.
“Ungalokothi uzame ukuwela uthelawayeka lapho zingekho khona izindawo zokuwela ezimakiwe noma lapho okungabonakali kahle khona.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
