

Kulimale abantu abane okubalwa kubo nezingane ezimbili engozini eyenzeke eGingindlovu enyakatho yeKZN.
Lesi sigameko senzeke ku-N2 ngeSonto ebusuku lapho imoto igqamuke ilangabi ngemuva kokushayisana nemoto.
OLUNYE UDABA: Kuvulwe awokubulala ngokungenhloso kulandela ingozi eyenzeke ku-N2
Okhulumela abosizo lokuqala i-IPSS Medical Rescue, uSamantha Meyrick uthe kulimale umfana oneminyaka emibili ubudala kanye nentombazane eneminyaka emine ubudala.
Indoda nowesifazane, bobabili okukholakala ukuthi baneminyaka ebalelwa ko-30 ubudala, basesimeni esibucayi.
UMeyrick uthi namanje akukacaci ukuthi bangaki abantu abebesemotweni egqamuke ilangabi.
“Ngeshwa, bashonile abebevaleke ngaphakathi emotweni.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
