
I-ActionSA e-KZN yamukele elinye icala elinikezwe indoda eyamaniswa nesigameko sokudubula egatsheni layo eliseSydenham.
UXolani Radebe uvele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesibili.
URadebe kumanje ubhekene namacala amathathu, okubalwa kuwo elokuzama ukubulala, ukukhomba nokuqhumisa isibhamu kanjalo nokusabisa.
Esikhathini esingangesonto eledlule, uRadebe wadubulala amahlandla amaningi ngesibhamu ngesikhathi kwethulwa igatsha leqembu kuWadi 25, nokwaholela ekutheni umcimbi uhoxiswe.
OLUNYE UDABA: I-ActionSA kuphoqeleke ukuba ikhansele ukwethulwa kwegatsha lakuWard 25 namuhla
Umsolwa oneminyaka engu-34 ubudala uzophinde avele enkantolo ngenyanga ezayo lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.
“Le ndoda kufanele ikumele ekwenzile iphinde ibe yisibonelo kuzo zonke izinhlaka KwaZulu-Natal nasemiphakathini ukuthi akusoze kwavunyelwa ukungabekezelelana kulesi sifundazwe,” kusho umholi wesifundazwe uMnuz Zwakele Mncwango.
“Okunye futhi kufanele sivumele intando yeningi ukuba ibambe iqhaza. Ikakhulukazi njengoba sibheke okhethweni.
“KwaZulu-Natal siyazi ukuthi kube nezigameko zokubulawa kwabantu kwezepolitiki futhi kube nezinga eliphezulu lezinsongo ngesikhathi sokhetho futhi sikholwa wukuthi umbuso uzokwenza isibonelo ngoXolani.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
