Bayavela enkantolo abadayiselana ingane ngoR75 000

Umama osolwa ngokudayisela isangoma ingane yakhe eneminyaka emibili ubudala nesangoma babuyela enkantolo namuhla.

Laba bobabili bazoqhubeka nokufaka isicelo sebheyili emacaleni ababhekene nawo.

OLUNYE UDABA: Kuzwakale ukuthi yabulawela ubulili bayo ‘obungajabulisi ingane eyadayiswa ngoR75 000’

Bazovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseVanderbijlpark ngamacala amabili, elokubulala nelokuthumba.

Ngaphambilini kwezwakala ukuthi uKeneilwe Shalaba waya esangomeni ukuze abulale ingane yakhe ngoba engajabule ngobulili bayo. Ingane wayidayisa ngemali engu-R75 000.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)