
Durban – IKomidi lamaPhoyisa ePhalamende selincome kakhulu lokho elikuchaze njengokuthuthuka kwamaphoyisa esiteshini samaphoyisa aseNanda, enyakatho yeTheku.
NgoLwesine, ikomiti livakashele endaweni enobugebengu obuningi ukuyophenya ngesimo samaphoyisa nobugebengu obudlangile.
INanda esiyaziwa njengenhloko-dolobha yamacala okudlwengula, izikhawu ezimbili ngaphezu kwalokho inesibalo esiphezulu samacala okubulala esifundazweni iKwaZulu-Natal.
OLUNYE UDABA: Kuqutshwa umkhankaso wokuqeda ngezikhungu ezingekho emthethweni eThekwini
Usihlalo wekomidi u-Ian Cameron uthe, “Ngokombono wekomidi, kumele kuvunywe ukuthi kuyabonakala ukuthi kukhona okuhle okwenziwe futhi nsiyabona nezinye izinombolo zehlile.
Uphinde wancoma amagalelo ezinhlaka ezilwa nobugebengu endaweni, kubika i-EWN.
“Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule ngesikhathi sivakashele izindawo ezahlukene, kwezinye izindawo blubonakala uqekeko phakathi kwemiphakathi elwisana nobugebengu namaphoyisa. Namuhla, sibone okunye okuhlukile futhi luyancomeka ngoba besizwa neminye imininingwane kanye nempumelelo mayelana nokulwa nokuqolwa kwabantu.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
