
Johannesburg – Lowo owayenguSomlomo wePhalamende osolwa ngenkohlakalo uNosiviwe Mapisa-Nqakula ubuyela eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng namuhla.
Ubhekene namacala angu-12 enkohlakalo nelilodwa lokushushumbisa imali.
OLUNYE UDABA: URamaphosa usole izinkampani ezihlinzeka amanzi ngamathangi ngokucekela phansi ingqalasizinda
La macala asukela ezinsolweni zokuthi wathola izigidi zamarandi zokugwazelwa ngusonkontileka oyamaniswa nombutho wezokuvikela waseNingizimu Afrika.
Abe-eNCA babika ukuthi icala lahlehliswe ngoJanuary ngemuva kokuba uMapisa-Nqakula efake isicelo sokuba kudalulwe iSigaba B neSigaba C sedokodo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
