IZITHOMBE: Ungqongqoshe uhambele izindawo ezikhahlanyezwe yizikhukhula eKZN

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uhole imizamo yokusiza abantu kuMasipala weNdawo yaseJozini, lapho isimo sezulu esingesihle sidale umonakalo omkhulu emakhaya nakwingqalasizinda somphakathi.

Izindawo ezisenyakatho yesifundazwe zibhekane nezimvula ezinamandla eziholele ekutheni kube nezikhukhula ezithinte imizi engu-158, kwathi imizi engu-70 yabhidlika, kwaphela ngayo. Nakuba umonakalo umkhulu, umnyango uqinisekisa ukuthi uwukho umphefumulo ophumile noma ukulimala okubikiwe ngenxa yezikhukhula.

OLUNYE UDABA: Uhulumeni waseKZN uthole indawo yokwakha izindlu zemindeni eyakhahlanyezwa yizikhukhula

UNgqongqoshe Buthelezi ubephelezelwa yiMeya yesiFunda saseMkhanyakude, uKhansela Siphile Mdaka, kanye neMeya yesiFunda saseJozini, uKhansela Scelo Myeni, ngesikhathi eyobhekan isimo kwezinye zezindawo ezithinteke kakhulu. Ithimba lihlole umonakalo yengqalasizinda ebalulekile, okuhlanganisa uMgwaqo uP449, osuncishisiwe waba umzila owodwa wokusebenza ngenxa yomonakalo wamanzi.

UNgqongqoshe uphinde waxoxisana nezakhamuzi ezithintekile, okubalwa kuzo nomndeni wakwaHlengethwa waseJozini, onekhaya elingenwe ngamanzi ngesikhathi sezikhukhula. UManingi Hlengethwa nezingane zakhe ezintathu basinde ngokulambisa kanti futhi njengamanje bahlala nezihlobo ngemuva kokulahlekelwa yimpahla yabo eningi.

UNgqongqoshe unikeze usizo lwesikhashana ngendlela yokudla nezinto ezibalulekile zokusiza, njengengxenye yokusabela okuqhubekayo kwinhlekelele eyenzeke kuso sonke isiFunda.

IZITHOMBE: