
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, umemezele ukuthi sebeyitholile indawo yokwakha izindlu zokuhlala imindeni engu-1 069 eyasuswa ngenxa yezikhukhula esifundazweni.
Lapha kubalwa imindeni engu-41 eyasuswa ngenxa yezikhukhula zangoFebruary eLamontville.
Njengamanje le mindeni ihlala emabhilidini aqashiwe angu-10 abizwa ngeTransitional Emergency Accommodations.
OLUNYE UDABA: Umndeni uchithe owamaLungelo Abantu uthungatha owahamba nezikhukhula
Izindlu ezizohlala izisulu zokukhahlanyezwa yizikhukhula zizokwakhiwa ezindaweni eziyisikhombisa eseziklanyelwe izindawo zokuhlala.
Esitatimendeni uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uthi ube nezingxoxo ezibe yisasasa neShallcross Ratepayers Association mayelana nokushuba kwesimo sokuthuthwa kwabakhahlanyezwe yizikhukhula endaweni eseningizimu yeTheku.
Phakathi kwemigomo okuvunyelwene ngayo nabakhokhi bentela, ukuhlinzekwa kwezidingongqangi kanye nezindawo zokungcebeleka zomphakathi kubekwe eqhulwini.
Umnyango uthi uzophinde usebenzisane neNkosi uMisuzulu KaZwelithini ukusebenzisa umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust ukwakhela labo abakhahlanyezwa yizikhukhula izindlu.
Ungqongqoshe uphinde wanxuse imiphakathi ukuthi ingazakhi izindlu osebeni lwemifula, amaxhaphozi nakwezinye izindawo ezijwayele ukukhukhulwa yizikhukhula njengoba ukuguquka kwesimo sezulu siyangokuba nzima.
– SABC
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
