
Amaphoyisa athungatha izigebengu ebezihlomile ezibambe inkunzi isitolo esisenxanxthela yezitolo, iBridge City, eKwaMashu enyakatho yeTheku .
Kudutshulwe kwalimala ikhasimende ngesikhathi sesigameko sokuhlasela eBridge City Mall ngeSonto.
OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa abantu baKwaMashu ngezigebengu ezizenza amaphoyisa
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uThenjiswa Ngcobo, uthe kuyacaca ukuthi izigebengu ezingu-8 zihlasele isitolo zabaleka nempahla yakulesi sitolo.
INewswatch ibike ukuthi kulimale owesifazane ngesikhathi sesigameko.
“Imibiko iveza ukuthi umsolwa ungene esitolo wakhomba abasebenzi ngezibhamu ngaphambi kokuba bathathe amaselula babaleka endaweni yesigameko,” kusho uNgcobo.
Amaphoyisa aKwaMashu aphenya icala lokubamba inkunzi nokuzama ukubulala.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
