Ugcwele amathafa uthisha “odlwengule” ufundi, 13

Amaphoyisa aseLimpopo ayalelwe ukuba aqoqe izinsizakusebenza ukuze alandele futhi abophe uthisha oneminyaka engu-58 ubudala osolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-13 ubudala esikoleni samabanga aphansi esifundeni saseCapricorn.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uLieutenant Colonel Stephen Thakeng, uthe umfundi ohlukunyeziwe uhanjiswe ngomunye wothisha kumama wakhe.

Uthisha obephelezela umfundi nguye owazisa umama wengane ngokwehlel ingane yakhe ngoLwesine.

“Uphenyo lokuqala luveza ukuthi lo mfundi, udlwengulwe izikhathi eziningi kusukela ngoNovemba 2024 kwaze kwaba ngumhlaka-7 March 2025,” kusho uThakeng.

OLUNYE UDABA: Lususe omkhulu umsindo udaba lukaCwecwe ezweni

“Umsolwa wahamba ngemoto yakhe enza sengathi ulibangise esiteshini samaphoyisa, kwathi uma eshayelwa ucingo wathi useHammanskraal, ePitoli, iselula yakhe yabe isishwa,” kusho uThakeng.

Khonamanjalo, uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni eLimpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe, uthe lo thisha ofunwayo kumele atholakale ashushiswe.

“Lo thisha osolwa ngokudlwengula umfundi wesifazane kumele atholakale aboshwe abhekane nengalo yomthetho. Izingane kufanele zikhuliswe futhi zinikezwe ukunakekelwa okufanele yilabo abaphathiswe lo msebenzi, njengabo othisha nabazali.

“Ayikho ingane efanelwe ukuzwiswa isihluku,” kusho uHadebe.

Kunxuswe ongaba nolwazi olungaholela ekutheni kuboshwe lo thisha uyacelwa ukuba shayele uDetective Lieutenant Colonel Martin Thema ku-082 451 7155, inombolo yeCrime Stop 08600 10111 noma asebenzise iMy SAPS App ngaphandle kokudalula igama lakhe.

IOL

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *