
Kushone owesifazane engozini eyenzeke ku-N3 eduzane naseMariannhill Toll Plaza namuhla ekuseni.
Kukholakala ukuthi iloli, ebelilibangise eThekwini, lishayisane nenqwaba yezimoto ngaphambi kokuyongena emgaqweni wezimoto ezizayo.
Kulimale nabanye abantu abathathu.
Nakuba izimo eziholele engozini zingakaziwa, imibiko evela endaweni yesigameko iveza ukuthi umshayeli kungenzeka ukuthi uhlulekile ukulawula imoto.
OLUNYE UDABA: Seziboshiwe izigebengu ezidale ingozi eChatsworth
Le ngozi iholele ekutheni kuvalwe umgwaqo waseMgungundlovu kuthelawayeka kulandela ukuchitheka kwempahla ebilayishwe yiloli.
Abosizo lokuqala be-ALS Paramedics abebekhona endaweni yesigameko baqinisekise ukushona kowesifazane oneminyaka ebalelwa kweko-30 ubudala.
Bonke abathole ukulimala baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene eThekwini ukuze bezothola ukwelashwa okwengeziwe.
