Usavaliwe umgwaqo u- R21 North kulandela enyantisa igazi eGoli

I-City of Ekurhuleni’s Emergency Management Services (EMS) ithi zimbili izidumbu ezisamele zitakulwe njengoba zisabambeke ngaphakathi ebhasini eliginqike emgwaqeni u-R21 obheke enyakatho ngasesikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International e-East Rand.

Kushone abantu abangu-12, kwalimala abangu-45 ngemuva kokugingqika kwebhasi abebehamba ngalo.

Abezimo eziphuthtumayo namanje basasendaweni yesigameko.

Abashayeli bezimoto bayalulekwa ukuba basebenzisa eminye imigwaqo.

Umphathiswa wezemigwaqo nezokuthutha u-Andile Mngwevu uthi ‘iphutha lomshayeli’ eliholele engozini eyingozi yebhasi. Uthi kumanje uphenyo lusaqhubeka ukuze kutholakale imbangela yesigameko.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)