Kuqwashiswa abantu ngokubheduka kwesifo sophenyane

UMnyango wezeMpilo kwaZulu-Natal uqwashisa abantu baseThekwini namaphethelo ukuba uzinakekele njengoba sekubheduke uphenyane.

Izimpawu okanye izinkomba zophenyane:

  • Ukushintsha kweso lakho libe bomvu noma libe pink
  • ukuzizwa kunobuhlungu emehlweni
  • ukuzwa amehlo akho eshisa futhi eluma
  • ukuphuma izinyembezi
  • ukuphuma kwezimbici noma izintonga emehlweni(uketshezi oluphuzi, olumhlophe noma oluluhlaza)
  • ukuvuvukala kwamehlo uphinde ungaboni kahle

Ukuze uthole ukwelashwa okugculisayo vakashela emtholampilo oseduzane kanti kubikwa ukuthi ngokujwayelekile kuthatha izinsuku ezimbalwa kuya evikini eligcwele ukulashwa kophenyane.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)