
Kuqinisekiswe eKurhuleni eGauteng ukutholakala kwabantu abathathu ne-Mpox.
UMnyango Wezempilo unxusa ukuthi kuqashwe izimpawu.
Kwabangenwe yileli gciwane kubalwa indoda eneminyaka engu-38 ubudala, owesifazane oneminyaka engu-33 ubudala kanye noneminyaka engu-14 ubudala.
OLUNYE UDABA: Siyanda isibalo sabantu abatheleleka ngesifo samatele eKZN
Umnyango uthi asikho nesisodwa isiguli esinomlando wokuhambela amazwe angaphandle okubikwe kuwo ukuqubuka kwe-Mpox.
Lokhu kubeka isibalo sabantu abanalesi sifo ku-32 selokhu kwaqala ukuqubuka kwe-Mpox ngoMay 2024.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
