
Lizoqondiswa izigwegwe iphoyisa elithwetshulwe imoto yamaphoyisa i-SAPS ebhalwe uphawu engenasicabha somshayeli, ngokusho komyalelo kaKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal.
Ivideo, eshuthwe ngumshayeli, isibukwe ngabantu abangaphezu kuka-270 thousand ku-TikTok. Ikhombisa imoto yamaphoyisa aseDurban Central emgwaqeni onguthelawayeka.
Amaphoyisa athi imoto ibisengozini eDurban North, isicabha sikhishwe ukuze kuphume kahle iphoyisa lesifazane ebelivaleleke ngaphakathi emotweni. Imoto ibisakwazi ukushayeleka naphezu komonakalo.
OLUNYE UDABA: IVIDEO:“Ubengabambeki oxabane nomqashi wakhe, eshayisa kwasani ephambi kwakhe ngeloli”
Kodwa esikhundleni sokulandela inqubo elandelwayo, elinye iphoyisa layishayela layibuyisela esiteshini.
“Ukubeka impilo yakhe engcupheni nokubeka igama nesithombe sombutho wamaphoyisa ehlazweni. Yize imoto ibiphelezelwa enye imoto enamalambu aluhlaza engaveziwe kwi-video, iqiniso limile ukuthi bekungafanele ukuthi imoto ishayelwe isesimweni esingafanele ukuba semgwaqeni.”
UNetshiunda uthi uKhomishana uNhlanhla Mkhwanazi uthi ukunganakwa kwenqubo ngeke kubekezelelwe.
“Ilungu ebelishayela imoto, iphoyisa elakhipha umyalelo ongekho emthethweni wokuthi imoto ishayelwe kanye nanoma ngubani omunye obambe iqhaza esinqumweni sokuthi leyo moto ishayelwe ikuleso simo bazoqondiswa izigwegwe ngaphakathi.”
“Ngeke sivumele noma ngubani ukuthi aguqule umthelela omuhle owenziwe amaphoyisa ukuze kwakheke indawo ephephile nevikelekile kubo bonke abantu esifundazweni saKwaZulu-Natal.”
ivideo:
@newsnexussa #incaseyoumissedit #newsnexussa #southafricatiktok🇿🇦 #newsstories ♬ original sound – NewsNexusOfficial
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
