Konke sekumi ngomumo ngomjaho iComrades Marathon eThekwini

UMasipala weTheku usukulungele ukusingatha umqhudelwano i-98th Comrades Marathon, ozokuba ngomhlaka-8 June 2025.

IDolobha nelibambisene nabo lijabule kakhulu ngokusingatha abagijimi ababalelwa ku-24 000 emhlabeni jikelele kanye nezibukeli ezilindelwe ezingu-35 000 ze-‘Ultimate Human Race’.

Izinhlelo zokuba lo mjaho ube yimpumelelo sezimo ngomumo.

Ukusingatha lo mcimbi kuzosebenzisa imali engu-R275 308 kanye nomnikelo we-GDP ka-R681 million, kudaleke amathuba emisebenzi angu-1 800.

OLUNYE UDABA: Kukhonye abokufika kwi-Durban International Marathon ngempelasonto

I-98th Comrades Marathon izoqala e-Pietermaritzburg City Hall ngezithuba zabo-05:30 ekuseni iphele ngemuva kwamahora angu-12 eMoses Mabhida Stadium, ePeople’s Park, eThekwini. Lokhu kuzoba wumjaho wesi-49 wokwehla.

Abashayeli bezimoto nabo bonke abasebenzisi bomgwaqo bayanxuswa ukuthi basebenzise eminye imigwaqo ngoba imigwaqo egudle umzila weComrades Marathon izophazamiseka ngokuvalwa kwemigwaqo. Ngaphezu kwalokho, ukubonakala kwamaphoyisa kuzoqiniswa kuzo zonke izimpambano zomgwaqo ezithintekile ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwabagijimi, izethameli nabashayeli bezimoto.

Amathimba kaMasipala aseqalile ukukhuculula lapho kuzogijima khona abagijimi ukuqinisekisa inhlanzeko, ukuphepha nokwenza indawo yamukeleke kubo bonke abagijimi.

Kuzoqinisekiswa nokuthi yonke imfucuza iyaqoqwa ngaphambi komjaho nangemuva kwawo.

IMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, ithe ukusingatha umjaho walolu hlobo kusaqhubeka nokubeka iTheku njengendawo ethandwa kakhulu kwezemidlalo.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)