Iqembu laseBhamshela ethubeni lokudlala ku-PSL

Iyaqina imibiko ethi iqembu laseBhamshela, i-Asande FC eligijima ku-Abc Motsepe League lingase libonakale ku-NFD njengoba kuvela ukuthi lizothenga isitifiketi sePretoria Callies ngenhloso yokugijima ku-Motsepe Foundation Championship ngesizini ezoqala.

OLUNYE UDABA: Kuphelile ukuqagela ngekusasa leDurban City

IPretoria Callies kuvela ukuthi ifunwa nayi Blomfontein Celtic, nakuba kunjalo kuthiwa izingxoxo phakathi kwe Asande fc kanjalo ne Pretoria Callies zihamba kahle kakhulu njengoba konke sekulele ku-PSL ukuthi iqinisekise zonke izinto.

Iqembu le Asande fc imidlalo yalo iyidlala oThongathi Njengoba eBhamshela la eqhamuka khona izinkundla zingekho esimweni, kanti uma lezingxoxo zigcina ziphumelele kuyobe lokho kusho ukuthi abathandi bebhola basoThongathi bazophinde bethole elinye ithuba lokweseka leli qembu njengoba sekwaphela ngoThongathi fc, kanti eqenjini le Asande fc kunezikhulu ezinye ezaziyingxenye yoThongathi fc.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)