Amaphoyisa athi sekuseduze abophe umsolwa wesibili kwelokubulawa kuka-Olorato Mongale

Amaphoyisa athi akusekudala abambe uBongani Mthimkulu, ongumsolwa osesele kwizigelekeqe okusolwa ukuthi zithumba abantu besifazane abasebasha enxanxatheleni yezitolo ezifundazweni ezahlukene.

Izifundazwe okubikwa ukuthi bebegasela kuzo kubalwa iFree State, Gauteng, KwaZulu-Natal, Limpopo, Mpumalanga kanye naseNorth West.

UMthimkulu ungumsolwa wesibili ecaleni lokubulala u-Olorato Mongale, amaphoyisa asamthungatha.

OLUNYE UDABA: Sekunomsolwa wesithathu ecaleni lokubulawa kuka-Olorato Mongale

Umsolwa obehamba phambili, uPhilangenkosi Makhanya, ushone ngesonto eledlule ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eManzimtoti KwaZulu-Natal.

Isidumbu sikaMongale satholwa silahlwe eLombardy enyakatho yeGoli esikhathini ngesonto eledlule.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, u-Athlenda Mathe, ukucacisile ukuthi ubugebengu abakhuluma ngayo bekuyilobu bamalungu amabili okubalwa kuwo uBongani osagcwele amathafa noPhilangenkosi Makhaya owadutshulwa wabulawa ngesikhathi behilizisana namaphoyisa aseKZN.

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)