Sekunomsolwa wesithathu ecaleni lokubulawa kuka-Olorato Mongale

Amaphoyisa asengeze ngokusemthethweni umsolwa wesithathu ngokubandakanyeka ekubulaweni kuka-Olorato.

Isidumbu sakhe sitholwe eLombardy, eduze nase-Alexandra enyakatho neGoli, ngeSonto lwangomhlaka-25 May.

UBongani Mthimkhulu, owazana nomunye wabasolwa uPhilangenkosi Sibongokuhle Makhanya, amaphoyisa asengeze igama lakhe ohlwini lwabathungathwa ngamaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa abasolwa ngokubulala u-Olorato Mongale eThekwini

UMthimkhulu ubonakala egqoke isikibha esimhlophe esithombeni esizungezayo esihlinzekwe ngabaseshi. Uthungethelwa ukuphoswa imibuzo njengengxenye yophenyo lokubulala oluqhubekayo.

Ngokusho kwaBrigadier Athlenda Mathe okhulumela amaphoyisa uthe ukuthungathwa kwabasolwa sekungene esigabeni esibucayi, lapho amaphoyisa eqinisa imizamo yokuthola bonke abasolwa.

Uphenyo luyaqhubeka kanti nokuthungathwa kwabasolwa sekufike esigabeni esinzima nesibucayi,” kusho uMathe.

Laba abanye abasolwa ababili amagama abo nguFezile Ngubane noPhilangenkosi Sibongokuhle Makhanya.

Daily Sun

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit