Kusale dengwane abantu abangu-76 kulandela ukusha kwemjondolo kuKennedy Road


Amathimba abhekelele iziNhlekelele kaMasipala, ehlangene nabezicishamlilo iFire and Emergency Services, basebenze ngokuzikhandla izolo ebusuku, ngomhlaka-4 June besiza izisulu kulandela ukuqubuka komlilo kuKennedy Road emjondolo kuWadi 25.

Abosizo lokuqala babizelwe endaweni yesigameko ngezithuba zabo-19:30 izolo ebusuku, libizelwa ukucisha umlilo ocekele phansi inqwaba yemjondolo.

OLUNYE UDABA: Kusinde ingane, 7, kusha kubo

Ibalelwa ku-49 imijondolo ethintekile kanti ingu-47 ephenduk umlotha kanti mibili eshe kancane.
Isigameko sishiye abantu abangu-76 okubalwa kubo nezingane, bengenamakhaya.

Akekho othole ukulimala kanti futhi abekho okubikwe ukuthi bashonile kulesi sigameko.

Izisulu zelangabi zihlaliswe ehholo lomphakathi kanti uMasipala neminye iminyango kahulumeni imatasa idingida izindlela ezizosiza isikhathi eside.

Ngokwesitatimende, amathimba abesendaweni yesigameko ephenya ephinde ehlola umthelela womonakalo.

Kusolwa ukuthi umlilo udalwe ukuxhunywa kukagesi ngokungemthetho.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)