Kusinde ingane, 7, kusha kubo

Kushone amalungu omndeni ayisithupha ngemuva kwelangabi emjondoloyaseMarikana Kwathema, eMpumalanga yeGoli.

Abosizo lokuqala bathi ngesikhathi befika endaweni yesigameko ngezithuba zabo-03:00 ekuseni, umjondolo ubungqongqa nabantu bevaleleke ngaphakathi.

Imbangela yelangabi alikaziwa kodwa usubhuliwe umlilo.

OLUNYE UDABA: Kushone oyedwa kusha emjondolo eseThekwini

Okhulumela i-EMS Ekurhuleni, uWilliam Ntladi, uthe uyedwa umuntu osesibhedlela othola ukwelashwa.

“Ngesikhathi abezicishamlilo befika bafice umjondolo onamagumbi amane usavutha, amalungu omphakathi abesevele ezama ukucisha umlilo kanti izicishamlilo zikwazile ukubhula umlilo, ngeshwa zifice amalungu omndeni ayisithupha eshonile, izidumbu zawo zishe ngendlela yokuthi besezingabonakali kahle kanti omunye wamalungu omndeni, oneminyaka eyisikhombisa ubudala, yena usindile nakuba ethole amanxaba amabi okusha njengamanje uyelashwa esibhedlela,” kusho uNtladi.

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *