Odokotela baseKZN abangasebenzi basayilindele imisebenzi abathenjisiwa yona

Iqembu lodokotela abangasebenzi lithe liyojabula mhla uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ufeza ieithembiso zawo zokudala izikhala ezintsha zomsebenzi ezingu-100.

NgoLwesithathu odokotela bamashele ehhovisi likaNdunankulu wesifundazwe eMgungundlovu befuna ukuthi izikhulu zifeze izithembiso zazo zangaphambilini.

NgoJune, uNgqongqoshe Wezempilo uNomagugu Simelane wamemezela izikhundla ezintsha ezingu-20.

OLUNYE UDABA: Odokotela base-KZN bathi azanele izikhala ezingu-20 ezizokhangiswa

Okhulumela leli qembu, uDkt Nobuhle Makhanya, uthe yize sezigcwele lezi basabaningi abasafuna umsebenzi.

Uthe izikhala ezintsha ezingu-100 kulindeleke ukuthi zikhangiswe ngesonto elizayo.

“Bazibophezele ekukhipheni ezinye izikhala, njengoba nazi ukuthi le mashi yethu ngeyesithathu futhi ayikazukuphela kuze kube kukhishwe izikhala zemisebenzi kuqashwe nodokotela bethu,” kusho uMakhanya.

“Kodwa ukunqoba lokhu esikwamukelayo, futhi siyethemba ukuthi bazosigcina isithembiso sabo, njengoba benzile ezikhaleni ezingu-20 abathi bazozikhipha futhi zakhishwa.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)