
INkantolo eNkulu eThekwini ebigobe amadlangala eScottburgh, igwebe indoda eneminyaka engu-39 odilikajele abathathu neminyaka engu-14 ngokubulala nokuzama ukubulala amalungu omndeni wayo ngo-August 2023 eChartsworth. Ukulahlwa ngecala nokugwetshwa kwayo kubandakanya isibhamu nezinhlamvu.
Umsolwa nomufi oneminyaka engu-39 babenobudlelwano behlala ndawonye benezingane ezimbili ezincane. Ngesikhathi kwenzeka isigameko base behlukene umufi ehlala eChartsworth nabazali bakhe. Umsolwa ehlala eGreytown nezingane zakhe ezimbili.
Ngaphambi kwesigameko,umsolwa nomufi baba nengxabano mayelana nemali. Ngomhlaka-6 August 2023, umsolwa wagasela endlini yesisulu eyolanda izingane ehlome ngesibhamu esingekho emthethweni.
Ngesikhathi bexabana kwakukhona unina kamufi oneminyaka engu-70 owayehlala eduze kwalapho kwakuhlala khona umufi. Umsolwa wahosha isibhamu wadubula umufi nonina. Bobabili la bantu besifazane bashonela endaweni yesigameko. Ingane esencane okungeyamsolwa nomufi nayo yadutshulwa walimala kanzima. Le ngane yaphuthunyiswa esibhedlela ukuyothola ukwelashwa.
Umsolwa wabaleka endaweni yesigameko kodwa waboshwa eGoli ngoFebruary 2025. Umsolwa wathweswa icala lokutholakala nesibhamu nezinhlamvu ngokungemthetho ngelinye icala elingahlobene naleli langonyaka ka-2021 February.
OLUNYE UDABA: Ugwetshwe udilikajele ubaba owadlwengula indodana yakhe
UMshushisi u-Advocate Rakesh Singh ubize ofakazi abazibonela namaphoyisa afika endaweni yesigameko. Kwethulwe nobufakazi maqondana necala lango-2021. U-Adv. Singh ekhonga isigwebo esiqinile, wethule isitatimende sengane kamufi esibhale yeluswe wuThandeka Nadi Mofokeng oyi-Court Preparation Officer. Ingane ithe impilo ngeke isefana ngaphandle kukanina. Ithe okubuhlungu kakhulu wukuthi wuyise obephuce unina. Udadewabo kamufi uthe usathuthumela futhi kubuye siyabuya isithombe engqondweni yakhe. Uthe izingane zibhekene nesimo esiznima futhi kubi kakhulu ngoba wuyise owenze lokhu esikhundleni sokubavikela.
Umsolwa ugwetshwe udulikajele ngecala ngalinye kwawokubulala, udilikajele ngokuzama ukubulala izingane, neminyaka engu-8 ngokuphatha isibhamu esingekho emthethweni. Mayelana necala lango-2021 ugwetshwe iminyaka engu-5 ngokuphatha isibhamu esingekho emthethweni nonyaka owodwa ngezinhlamvu. Inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.
I-NPA nethemba lokuthi isigwebo sikuveza ngokusobala ukuthi ubugebengu ngeke bubekezelelwe. Lo mphumela uveza ukuzibophezela kwethu ukulwela abagilwa nemindeni yabo. Sincoma abashushisi namaphoyisa ngokulwela ubulungiswa futhi sethemba ukuthi isigwebo sizoduduza umndeni.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
