Odokotela base-KZN bathi azanele izikhala ezingu-20 ezizokhangiswa

‘Imisebenzi engu-20 ayenele’ kusho odokotela base-KZN abangasebenzi

Odokotela abafuna imisebenzi ezikhungweni zezempilo KwaZulu-Natal banxusa uhulumeni ukuthi athole enye imali yokuqasha abantu abangasebenzi.

Odokotela abangaphezu kuka-100 abangasebenzi baphinde bangenela ngaphandle kweHhovisi likaNdunankulu kuleli sonto.

UNdunankulu uThami Ntuli uthembise iqembu izikhala ezingu-20 zizotholakala lingakapheli isonto.

OLUNYE UDABA: IVIDEO: UNgqongqoshe wezempilo eKZN uchaze ngezikhala zodokotela ezizokhangiswa

Yize kunjalo, omunye wabagqugquzeli uthi lokho akusasondele kangako.

UDkt Kenneth Sithole uthi babalelwa ku-150 odokotela abaqeqeshiwe abafuna umsebenzi.

Uthi ngeke bahambe kuze kube kuphuma izixazululo ezibambekayo.

“Nakuba sizamukela izikhala ezingu-20, sisekhona isidingo sokukhangiswa kwezikhala ezengeziwe.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)