IVIDEO: UNgqongqoshe wezempilo eKZN uchaze ngezikhala zodokotela ezizokhangiswa

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane, usekuqinisekisile ukuthi kuzokhangiswa ngemisebenzi engu-20 ezinsukwini eziyisikhombisa ezizayo, njengengxenye yokungenelela kwesikhashana ukuze kuqalwe ukubhekana nezingqinamba zokuntuleka kwemisebenzi ebhekene nodokotela nabanye ongoti bezempilo esiFundazweni.

Lokhu kuza ngenxa yezingxoxo eziqhubekayo phakathi koMnyango Wezempilo kanye neHhovisi likaNdunankulu, okuhloswe ngazo ukuthola izisombululo ezingokoqobo ngaphansi kwezimo zezimali eziyinselele.

OLUNYE UDABA: Odokotela abangasebenzi babambe umbhikisho ehhovisi likaNdunankulu

UNgqongqoshe uSimelane ekhuluma noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, wengeze ngokuthi imisebenzi ebhekwe ngabomvu engu-800 eshiwo nguNgqongqoshe wezeziMali ekuqaleni kwalo nyaka zibhekisela esabelweni sikazwelonke, iKZN ezohlomula kuso.

“Sifuna ukukubeka kucace ukuthi lezo zikhala ezingu-800 ziyingxenye yohlelo lukazwelonke, olusingathwa ezingeni likaNgqongqoshe wezeMpilo, uNgqongqoshe wezeziMali nePhalamende.

“IKwaZulu-Natal, njengazo zonke ezinye izifundazwe, izothola ingxenye yalezo zikhundla. Uma uzwelonke eseluphothulile lolo hlelo, wasazisa nokuthi zingaki izikhala esizozithola, sizozikhangisa ngokushesha.”

IVIDEO:

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)