URamaphosa uziphendulele ngabagxeka uphenyo lukaMkhwanazi

UMengameli Cyril Ramaphosa uthi ubona kuyinqaba ukuthi abanye bayasiphikisa isinqumo sakhe sokuqoka ikhomishini ezophenya ngezinsolo zikaNhlanhla Mkhwanazi.

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal usole ezinye izikhulu, okuhlanganisa noNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, ngokugxambukela ophenyweni lwezenzo zamaqembu ezigelekeqe.

UMchunu ubekwe ikhefu ngempelasonto edlule.

Ekhuluma ngesikhathi ethula ivoti lesabelomali seHhovisi likaMongameli ePhalamende, uRamaphosa uziphendulele ngokugxekwa kwamakhomishini ophenyo adlule ngokuthi awazange abe namiphumela ephusile.

Uthi izinkulumo ezifana nalezi azinasisekelo.

OLUNYE UDABA: UMcKenzie uzimisele ngokufakaza kwikhomishini mayelana nezinsolo zikaMkhwanazi

“Abanye bathe angithathele uNgqongqoshe izinyathelo ngokushesha ngenxa yezinsolo ezingakahlolisiswa. Ukwenza njalo ngeke kugcine ngokuba yinkinga kodwa akulungile. Ikhomishini kumele ivunyelwe ukuthi yenze umsebenzi wayo.”

UMkhwanazi uphinde wasola ukuthi abanye abashushisi ngisho namajaji imbala bangaphansi kwamaqembu ezigebengu.

NgoLwesithathu ntambama, uRamaphosa utshele iPhalamende ukuthi ubuqotho nokwethembeka kohlelo lwezobulungiswa bobugebengu kubalulekile ekulweni nobugebengu nenkohlakalo.

‘Eminyakeni embalwa eyedlule, senze inqubekelaphambili ebonakalayo ekwakheni kabusha nasekuqiniseni ama-ejensi ezomthetho, abezokuphepha kanye nezinhlaka zabashushisi.

Lezi zinguquko zibonakalile ophikweni lwamaphoyisa i-SAPS, oKlebe, ophikweni lwezokushushisa lukaZwelonke, ophikweni lokudliwa kwempahla, ophikweni olukhethekile lwabaphenyayo, i-State Security Agency nezinye.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)