UMcKenzie uzimisele ngokufakaza kwikhomishini mayelana nezinsolo zikaMkhwanazi

UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uGayton McKenzie uthi uzokwethula ubufakazi kwikhomishini esungulwe nguMengameli Cyril Ramaphosa ukuze iphenye izinsolo ezenziwe nguKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkhwanazi.

NgeSonto, lwangomhlaka-6 July, uMkhwanazi wasola ijaji kanye noNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu, phakathi kwabanye, ngenkohlakalo nokuthi basebenzisana nezigebengu.

OLUNYE UDABA: Amakomiti ePhalamende ahlangene ukuze aveze isu lokuphenya ngezinsolo zikaMkhwanazi

UMcKenzie ngoLwesibil ekhuluma nabezindaba zeNewsroom Afrika, uthe abantu baseNingizimu Afrika kufanele balungise u-popcorn wabo futhi balindele ukuzwa izembulo ezinkulu kukhomishini.

Uthe le khomishini iyisinyathelo esihle futhi izokwazi ukuphenya, iveze iqiniso. Uthe naye uzofakaza kukhomishini njengoba kunezinto azaziyo.

The Citizen

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)