Postbank: Amakhadi egolide akwa-SASSA azoqhubeka asebenze nangale komhlaka-31 May

Ibhange iPostbank likuqinisekisile ukuthi amakhadi egolide e-South African Social Security Agency (Sassa) asazoqhbeka nokusebenza futhi azokwazi ukusebenza nangale komhlaka-31 May 2025.

IPostbank ithi inhloso wukuqinisekisa ukuthi bonke labo abangakashintsheli ekhadini elimnyama bayayithola imali yabo yesibonelelo sikahulumeni ngokungaphazamiseki.

OLUNYE UDABA:Seluliwe isikhathi sokushintsha amakhadi akwa-SASSA

Lokhu kusho ukuthi abantu basangakawazi ukukhipha imali ngekhadi eliyigolide lakwaSASSA baphinde bathenge nangalo.

Isikhulu esiphezulu iChief Commercial Officer kwaPostbank, uThami Cele, uthe abantu abangakashintsheli emakhadini amnyama abangatatazeli. Okubalulekile ukuthi bonke abantu abahola isibonelelo sikahulumeni bayithole imali yabo ngaphandle kokuphazamiseka. Lokhu kuzoqhubeka nangale kukamhlaka-31 May kuze kube uhlelo lokushintshela emakhadini amnyama luqala kabusha.

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *