
Amaphoyisa ophiko loKlebe abophe indoda eGermiston, eGauteng, ngokusabisa uMengameli Cyril Ramaphosa.
Umsolwa oneminyaka engu-28 ubudala ubanjwe wuphiko lwamaphoyisa oKlebe, iCrime Against The State (CATS) ngoLwesihlanu.
OLUNYE UDABA: Uzovulwa kusasa umgwaqo oseduze naKwaMashu okubanjwe kuwo imoto yemali
Ekuqaleni kwale nyanga, umsolwa kusolakala ukuthi wathumela umyalezo ku-CEO wenkampani ezinze eKapa esabisa umndeni wakhe kanye neMeya yaseKapa uGeordin Hill-Lewis.
Izizathu ezidala lezi zinsongo azikaziwa.
“Udaba lwabikwa kwithimba loKlebe elizinze eKapa, iCATS, okuyilo olwenze uphenyo olusheshayo nolwaholela ekutheni umsolwa abanjwe eGauteng,” kusho okhulumela oKlebe kuzwelonke uThandi Mbambo.
Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseKapa ngoMsombuluko.
“Umsolwa uzohanjiswa eKapa, lapho ezobhekana khona necala lokusabisa.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
