Kuxwayiswa iDowns ngoFistol Mayela kowamanqamu

Abathandi bebhola baseNingizimu Afrika kanye nabahlaziyi sebeveze ukuthi iMamelodi Sundowns kuyofanele iqaphela umdlali wePyramids osukwini lwanamuhla uma leli qembu selitholene phezulu nePyramids emdlalweni womlenze wokuqala wamanqamu wCAF Champions League enkundleni yezemidlalo, eLoftus Stadium.

OLUNYE UDABA: IMamelodi Sundowns isingompetha abasha beBetway Premiership

UMayele usefomini enhle kule sizini kakhulukazi kwimidlalo yeChampionship League lapho esehlohle khona amagoli ayisishiyigalombili emidlalweni engu-11 ushaye amagoli amabili ngesikhathi behlula i-Orlando Pirates ngo 3-2 kowandulela owamanqamu.

Lo mdlali waseDemocratic Republic of Congo kubonakala ezoba yingozi osukwini lwanamuhla kanti abanye abadlali ababhekiwe abangase bebe wuhlupho kwiSundowns namuhla singabala u-Ibrahim Adel Kanye noMarwan Hamdy nabanye.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *