Kunxuswa amanyuvesi ukuba angazigodli iziqu zezitshudeni

UMnyango wezeMfundo ePhakeme usuphinde wanxusa amanyuvesi ukuba angazigodli iziqu zabafundi ngenxa yemali yokufunda engakhokhiwe.

ISekela likaNgqongqoshe uNomusa Dube-Ncube utshele iPhalamende ngoLwesithathu ukuthi abafundi abanezikweletu bakuthola kunzima ukuthola imisebenzi uma bebanjelwe izitifiketi zabo.

Uthe umnyango uzwakalise ukukhathazeka kwawo kothishanhloko bamanyuvesi ezweni lonke, wengeza ngokuthi abafundi akumele bancishwe amathuba ngenxa yemali yokufunda engakakhokhwa.

OLUNYE UDABA: Kuqutshwa umkhankaso wokuqeda ngezikhungu ezingekho emthethweni eThekwini

“Sike saba namanyuvesi lapho abafundi besakhononda ngalolu daba, ngicabanga ukuthi sekuzosala kuthina ukuthi sijule sisho ukuthi yimaphi lawo angahambisani nalokhu abavumelene ngakho njengothishanhloko ukuthi kuthiwe abafundi mabanikwe iziqu zabo, izitatimende nezincwadi zabo.”

Ukholelwa nasekutheni lolu daba luyazidida kwalona, njengoba abafundi kungalindelekile ukuthi bakhokhe izikweletu zabo uma bengasebenzi noma bengakwazi ukufakazela ukuthi baqeqeshiwe.

Newswatch