
IHhovisi likaMengameli lithi asikho isidingo sokuphuthma ngokuqoka inxusa elisha lase-United States.
Lokhu kulandela ukuxoshwa kuka-Ebrahim Rasool yi-Trump Administration ngesonto eledlule.
U-Rasool wenze ukuphawula ngesikhathi kune-webinar lapho egxeke khona izinqubomgomo zokuphatha kukaTrump.
OLUNYE UDABA: I-US inike inxusa laseNingizimu Afrika amahora angu-72 ukugoduka
URasool kulindeleke ukuthi abuyele kuleli ngeSonto.
