
Umndeni kaMarius Van der Merwe, owaziwa ngokuthi nguWitness D, awududuzeki kulandela ukudutshulwa abulawe.
UVan der Merwe wadutshulwa ngesihluku wabulawa ngaphandle komuzi wakhe eBrakpan, eMpumalanga yeGoli, ngoLwesihlanu ebusuku, ngesikhathi ehamba nomkakhe nezingane zakhe ezimbili.
UVan der Merwe ufakaze kwiKhomishana kaMadlanga ngenyanga edlule, lapho ekhulume khona ngezinsolo zokubulala kanye nokulahlwa kwesidumbu edamini eyamanisa izikhulu eziphezulu ze-EMPD.
OLUNYE UDABA: Kulindeleke uWitness C ethule ubufakazi bakhe kwiKhomishini kaMadlanga
Lesi sigameko njengamanje sibeke ingcindezi enkulu kwiKhomishana kaMadlanga ukuqinisekisa ukuphepha kofakazi bayo.
Umndeni nabangani bakaVan der Merwe babeke izimbali endaweni yesigameko.
Umndeni wenqabile ukukhuluma nabezindaba kanti uKhomishana wamaPhoyisa kaZwelonke uFannie Masemola kulindeleke ukuthi avakashele umndeni namuhla ntambama.
Amaphoyisa aqalise umkhankaso wokuthungatha umbulali kanye neinkabi ezadubula aabulala uWitness D.
Amaphoyisa aphinde afune nesikhathi sokubulala.
