
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athi ukufunwa komuntu obeyamaniswa nezehlakalo zokugwaza eMzinto, ogwini oluseningizimu, kulephelile kulandela ukuba etholakale eseshonile.
Le ndoda kusolwa ukuthi yaugwaza yabulala intombi yayo eneminyaka engu-32 ubudala kanye nabantu abane endaweni yaseMalangeni Phase 2 ngoMgqibelo ebusuku.
Okhulumela amaphoyisa i-SAPS esifundazweni uRobert Netshiunda uthi kukholakala ukuthi lezi zithandani zabanokungaboni ngasolinye zisasekhaya lapho kutholakale khona owesifaane enamanxeba amaningi okugwazwa.
OLUNYE UDABA: Kugwazwe 5 wabafundi esigamekweni okusolwa ukucwasa ngokwebala esikoleni eKZN
Uthi ngemuva kokubaleka endlini, umsolwa kuthiwa wahlasela amadoda amabili aneminyaka engu-53 no-58 ubudala emgwaqweni oseduze.
“Amaphoyisa athole eminye imibiko yokuthi kunezinye izisulu ezimbili, ezineminyaka engu-37 no-51 ubudala, ezigwazwe zashona ngenxa yamanxeba okugwazwa kaningi.
“Uphenyo lokuqala luphakamise ukuthi umsolwa ofanayo naye wabagwaza. Imbangela yokugwaza isaphenywa.”
Amaphoyisa kamuva athole isidumbu sale ndoda ehlathini eliseduze kanti futhi akholelwa ukuthi kungenzeka ukuthi izibulele.
