
Inkantolo igwebe amadoda amabili ngokubulala indoda eneminyaka engu-23 ubudala eNanda, enyakatho yeTheku.
Isigameko sokubulala senzeka ngom-May 2024 endaweni yaseTafuleni.
Umsolwa – uSthembele Nongqakanga noJan Sinqina, ababazana noLebohang Mabuya njengomakhelwane, bahlangana naye emgwaqweni osendaweni.
Ngemuva kwengxabano ababanayo, bambulala babaleka, bashiya isidumbu sakhe kanjalo.
OLUNYE UDABA: Udilikajele kowesifazane owabulala indodakazi yakhe KwaMashu
Okhulumela i-NPA yase-KZN uNatasha Kara uthi la madoda ngemuva kwesikhathi avuma icala kofakazi bakahulumeni.
Ngemuva kwesikhathi ufakazi wazisa umndeni kaMabuya futhi wakhomba umsolwa emaphoyiseni, okwaholela ekuboshweni kwabo.
“INkantolo yesiFunda saseNtuzuma igwebe amadoda amabili, uSthembele Nongqakanga oneminyaka engu-27 ubudala noJan Sinqina oneminyaka engu-21 ubudala, udilikajele ngamunye ngokubulala uLebohang Mabuya oneminyaka engu-23 ubudala,” kusho uKara.
“Ngaphezu kwesigwebo abanikwe sona, inkantolo yathi bobabili abasolwa abakufanele ukuba nesibhamu.
“I-National Prosecuting Authority inethemba lokuthi lesi sigwebo sithumela umyalezo ocacile wokuthi ubugebengu ngeke bubekezelelwe. Lokhu kulahlwa yicala kugcizelela ukuzibophezela kwe-NPA okungantengantengi ekuqinisekiseni ubulungiswa kwabahlukunyezwa ngubugebengu kanye nemindeni yabo.”
