
INkantolo yeSifunda eNtuzuma igwebe owesifazane oneminyaka engu-43 ubudala udilikajele ngokubulala indodakazi yakhe eneminyaka engu-14 ubudala.
Isigameko senzeka endaweni yaKwaMashu esigcemeni sakwa-D. Ngosuku lwesigameko, ekuseni ummangalelwa watshela amaphoyisa ukuthi isisulu sikhale ngekhanda saphuza imishanguzo ngaphambi kokuyolala ngayizolo.
Ummangalelwa uthe ngesikhathi eyovusa indodakazi yakhe ukuze iye esikoleni, wayifica isishonile. Isisulu satholwa sidindilize edamini legazi sinengozi ekhanda. Ummangalelwa watshela amaphoyisa ukuthi isisulu sawa embhedeni salimala. Kwavulwa idokodo ukuze kuphenywe.
Ngesikhathi kuhlolwa isidumbu, udokotela wathola ukuthi ukulimala kukamufi akuhambisani nokushiwo wumama wakhe. Amaphoyisa aphosa imibuzo komakhelwane abaveza ukuthi bezwa umsindo umufi eshweleza ethi kummangalelwa akangambulali.
OLUNYE UDABA: Udilikajele kowabulala ingoduso yakhe, ethe abalungise izinto
Uphenyo luveze ukuthi ummangalelwa ubenoxhaxha lwemishwalensi afake kuyona umufi. Ngaphambi kwesigameko, ummangalelwa washaya ucingo enkampanini umshwalense ebuza ukuthi angasifaka kanjani isicelo futhi efisa ukwazi isamba semali azosithola. Ummangalelwa waboshwa emuva kophenyo olunzulu.
Kuthe sekusenkantolo, ummangalelwa wavuma icala ngokuka-Section 112(2) we-Criminal Procedure Act 51 of 1997 kodwa inkantolo yakuchitha lokhu yamukela ukuthi uyaliphika icala ngokuka-Section 113.
Ummangalelwa ube esehlambuluka ngokuka-Section 220, evuma ukuthi wabulala umufi ukuze athole imali yomshwalensi. Inkantolo imlahle ngecala emuva kokuhlambuluka kwakhe.
UMshushi uSbongiseni Goodenough Mtetwa ubize ufakazi okunguyise kamufi obenomunyu. Uthe umufi bekuyiyona ngane yakhe eyodwa nje futhi uyena ubemondla emkhokhela nezindleko zesikole. Ngaphezu kwesigwebo, inkantolo ithe ummngalelwa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.
I-NPA iyasemukela isinqumo senkantolo. Sigcizelela isifungo sethu sokugcina umthetho silwele ubulungiswa ngaphandle kokwenzelela. Sizovikela amalungelo nesithunzi sabantu bonke, ikakhulukazi izingane nababuthaka.
