Izangoma zezulu kuleli zixwayisa ngezimvula ezinamandla eKZN

Kulindeleke izimvula ezinkulu ezingxenyeni zesifundazwe saKwaZulu-Natal, ngoLwesibili.

Lokhu kungemuva kokuba izangoma zezulu zakuleli zikhiphe izixwayiso zesimo sezulu zika-Level 2.

Isangoma sezulu sakuleli u-Ayanda Nsele sithi izimvula ezinkulu zizohambisana nokuduma kwezulu okunamandla.

“Kusasa ntambama ezingxenyeni ezisentshonalanga, silindele ukuduma kwezulu okunamandla, isichotho, umoya omkhulu ongadala umonakalo kanye nombani omkhulu.”

OLUNYE UDABA: I-KZN ilungiselela izimvula zasehlobo ezingaphezu kwezijwayelekile

Izingxenye ezisenyakatho esifundazweni nazo zingalindela imvula enkulu engabangela izikhukhula emigwaqweni nasemabhulohweni aphansi.

“ Ezingxenyeni ezisenyakatho, lapho besilokhu sithola khona imvula ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. Kuno-Yellow level 2 wemvula ephazamisayo. Ngingabalula izindawo ezifana neyaseDumbe, iMadlangeni, iJozini kanye nendayo yakwaMhlabuyalingana,” kusho uNsele.

Newswatch