Kulindeleke ukuba zivele namuhla enkantolo izelamani zaseKZN

Izelamani ezimbili ezaboshelwa ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu endaweni yaseZakheni KwaZulu-Natal kulindeleke ukuba zivele namuhla enkantolo.

Amaphoyisa athi lezi zelamani ziphinde kusolwe ukuthi ziyabandakanyeka kuhide lwezigameko zokubulala kosomatekisi endaweni.

Okhulumela amaphoyisa uRobert Ntshiunda uthe, “ Abasolwa batholwa emzini wabo kanti ngesikhathi kuseshwa emagumbini alo muzi, umsolwa, 49, watholwa nesibhamu sohlobo lwe-AK47 kanye namamagazini amabili anezinhlamvu ezingu-70.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe izigelekeqe ezine zaseMaoti ngamacala angaphezu kwangu-20 okubulala

“Umfowabo, 44, naye watholakala nesibhamu sohlobo lwe-R4 nezinhlamvu ezingu-35. Lezi zelamani zaboshwa ngokushesha ngokutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthemthweni.”

Luyaqhubeka uphenyo lokuthola ukuthi lezi zibhamu azibandakanyeki kwamanye amacala okubulala abikwa endaweni nakwezinye izingxenye zezisfundazwe.

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *