
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ulishayele ihlombe ithimba lezinhlaka ezahlukene elihlanganisa amaphoyisa ophiko lwe-Crime Intelligence, Cato Manor Crime Prevention, Nanda Detective kanye namaphoyisa kaMasipala weTheku avimbe amakhona onke akwazi ukubopha abasolwa abane abebefunwa uthuli besolwa ngokubulala nokuhlukumeza umphakathi wase-Amaoti kusukela ngoJune 2024 eNanda.
Abasolwa baboshelwe eCator Manor ngoMgqibelo, 19 Ephreli 2025.
OLUNYE UDABA: Izakhamuzi zase-Amaoti zifuna kuliwe nobugebengu
Amaphoyisa alandele umkhondo ngabasolwa abebecashe emzini oseCato Manor nokuthe uma efika amaphoyisa athola abasolwa abane nezibhamu ezimbili, izinhlamvu nempahla okusolakala ukuthi yebiwe njengama-Laptop namaselula.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Netshiunda, uthi kuze kube yimanje abasolwa bayamaniswa namacala angaphezu kwangu-20 okubulala kanye nenqwaba yamacala okuzama ukubulala okuthiwa bawenza endaweni yase-Amaoti, eNanda kusukela ngoJune 2024 kuze kube yimanje.
Ngokwesitatimende samaphoyisa uphenyo lusaqhubeka kanti ukuthungathwa kwabasolwa abaningi kusaqhubeka.
Abasolwa ababoshiwe, abaneminyaka ephakathi kwengu-21 nengu-33 ubudala kanti bazovela eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesine lwangomhlaka-24 April 2025.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
