
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro uthi nakuba ezakhe zicishe zakhala ngaphansi kumlenze wokuqala kumqhudelwano we-Caf obubanjelwe e-Orlando Stadium.
Lo mqeqeshi akakungabazi ukuthi emlenzeni wesibili walo mdlalo bazokwazi ukushintsha ukwenza bephinde belungise amaphutha abawenzile emdlalweni obuse-Orlando Stadium ngempelasonto lapho ezimnyama zibambane ngo 0-0 nePyramids yaseGibhithe.
URiveiro uthi kumqoka kakhulu ukufunda emaphutheni abawenzile kulomdlalo ukuze kolandelayo bezokwenza kangcono kakhulu. Lo mqeqeshi ozoshiya ekupheleni kwesizini kwiBhakaniya uthi uyakuqonda okufanele bekwenze emdlalweni wabo wesibili.
OLUNYE UDABA: IBafana Bafana ihlule iLesotho kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba
Lo mqeqeshi osephenduke isithandwa sabalandeli bezimnyama kubhekwe ukuthi ashiye umlando kuleli qembu njengoba kulindeleke ukuthi athathe isicoco seNedbank Cup, nalapho bezodlala khona neKaizer Chiefs eMoses Mabhida Stadium ngomhlaka-10 May 2025.
Nakuba kungacaci, abalandeli bePirates basakholelwa ekutheni izinto zingase ziguquke nakuba iMamelodi Sundowns ezihola phambili nayo izimisele ngokudla isicoco seligi.
Khonamanjalo akucaci ngozovala isikhala sikaRiveiro kwezimnyama njengoba ezoshiya ekupheleni kwesizini.
– Andile Andizo Mthembu
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
