Kunxuswa umphakathi ukuba ugome njengoba kuqala isikhathi somkhuhlane

Izazi zezempilo zixwayise ngokuthi umkhuhlane ungadala ukugula okungabeka impilo yakho engcupheni ikakhulukazi kulabo ababuthaka okubalwa kubo abantu abadala, abantu besifazane abazithwele nezingane.

Baluleke umphakathi ukuba ugome njengoba kuqala isikhathi somkhuhlane kuleli.

OLUNYE UDABA: I-SANBS inxusa umphakathi ukuba uqhubeke nokunikela ngegazi

Umuthi wokugomela umkhuhlane wesizini uyatholakala emitholampilo yomphakathi kanye nakubahlinzeki bezempilo abazimele, kubalwa odokotela bezifozonke kanye namakhemesi.

I-World Health Organization (WHO) kanye ne-National Institute for Communicable Diseases bathi ukugoma indlela engcono yokuzivimba ukuthi ungangenwa wumkhuhlane.

UDkt Michael de Villiers uxwayise ngokusetshenziswa kwama-antibiotic ukwelapha umkhuhlane.

SABC

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *