
Owesifazane oneminyaka engu-43 ubudala uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMahwelereng ngoLwesithathu, lwangomhlaka-10 September, ngecala lokufihla ukuzalwa kwengane kulandela izinsolo zokungcwaba umbungu ngemuva kwendlu yakhe.
Lo wesifazane uboshwe ngeSonto, lwangomhlaka-7 September, esigodini saseLesodimotlana endaweni yaseTinmyne, esifundeni saseWaterberg.
Ungumama wezingane eziyisikhombisa okubalwa kuzo nosana olunezinyanga ezingu-17 luzelwe.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Malesela Ledwaba uthe ukuboshwa kwalo mama kuza ngemuva kokuba umphakathi uncinze indlebe amaphoyisa.
Umsolwa ubezithwele, kodwa izakhamuzi zibe sezimbona engasakhulelwe.
OLUNYE UDABA: Utalajwe yiqulu labantu owesifazane ‘obulale umama nendodana’ esigamekweni sokuphanga
“Elinye ilungu lomphakathi lithole ukuthi umsolwa akasakhulelwe labe selibikela amaphoyisa,” kusho uLwedwaba.
Ngesikhathi amaphoyisa ephosa lo wesifazane ngemibuzo, udalule imininingwano emayelana nokuzithwala kwakhe kanjalo nokuteta.
Uthe ubesekhulelwe isikhathi esingangezinyanga ezinhlanu ngaphambi kokuba atete ingane engasekho emhlabeni ngomhlaka -22 August 2025.
Amaphoyisa athola ukuthi lo wesifazane wasongqa umbungu ngethawula wabe esewugqiba ngemuva kwendlu.
Amaphoyisa abe esethola umzimba.
“Umbungu utholwe ethuneni elingashoni ngemuva kwendlu,” kusho uLedwaba.
Ngokusho kukaLedwaba uphenyo lwamaphoyisa ngaleli cala lusaqhubeka.
Leli cala ligqamise isidingo sokulandelwa komthetho wokubika ukuzalwa komuntu kanjalo nokushona kwakhe, noma ngabe izimo zinjani.
OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kushayelwe ihlombe umphakathi ngokubika ngomshayeli obanjwe eba udizili eThekwini
Ngokomthetho waseNingizimu Afrika ukufihla ukuzalwa kosana kuyicala ngaphansi kuka-section 113 weGeneral Law Amendmenr Act, 1935.
NgokoMthetho,” Noma ngabe ngubani, ngaphandle komyalelo wokungcwaba osemthethweni, olahla isidumbu sanoma yimuphi umntwana osanda kuzalwa ngenhloso yokufihla iqiniso lokuzalwa kwakhe, noma ngabe ingane yashona ngaphambi, ngesikhathi noma ngemuva kokuzalwa, uyoba necala futhi uma egwetshiwe uyohlawuliswa inhlawulo noma agcinwe ejele isikhathi esingeqile eminyakeni emithathu.
UMthetho uphinde uthi umuntu angatholakala enecala ngisho noma kungenabufakazi bokuthi ingane yashona ngaphambi kokuba kulahlwe isidumbu.
