
ISekela likaKhomishana wamaPhoyisa eKZN, uPhumelele Makoba, uthe amalungu omphakathi yiwo ashaye ikhwela ngezenzo zabasolwa abahlanu ababulawe eChatsworth.
Amadoda amahlanu adutshulwe abulawa ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umsebenzi wawo wobuphoyisa ngoMsombuluko ekuseni emjondolo yasePumphouse.
Kukholakala ukuthi leli qembu lezigilamkhuba lunoxhaxha lwamacala okubulala, ukugqekeza kanye nokuqola abantu endaweni yaseMariannhill, elokishini laseMpumalanga eHammarsdale nasezingxenyeni ezithile zoMsunduzi.
OLUNYE UDABA: Sekuvele eminye imininingwano ngesigameko sokubulawa kwabasolwa eChatsworth
Amaphoyisa athi iqembu labasolwa abasebancane ngeminyaka lilandelwe ngemuva kokuthola imininingwane ebalulekile evela kuzakhamuzi.
UMakoba uthi amaphoyisa abehamba ephuma engena enqamula kogesi abaxhunywe ngokungemthetho, imigwaqo emincane kanye nemfucuza kadoti ngaphambi kokuba azungeze umjondolo oluhlaza ngebala ongamamitha ambalwa ukusuka ku-Higginson Highway.
Abasolwa, abachazwe njengabantu abasebancane ngokweminyaka, kubalwa kuboa izelamani, owokufika kuleli kanye noneminyaka engu-17 ubudala.
Amaphoyisa ahlale endaweni yesigameko kwaze kwaphuma ilanga kanti athole izibhamu ezintathu, esinye sazo abazakhele sona ekhaya.
Izakhamuzi ebezithukile, ezichaze ngokuvuswa ukuqhuma kwesibhamu, zime zabukela ngale komncele wamaphoyisa.
Kubikwa ukuthi amalungu emndeni akhungathekile nawo abekhona.
UMakoba uthi kumanje amaphoyisa aphezu kwezinhlelo zokuphenya ngabashonile.
