
Abosio lokuqala bakwa-VIPKZN baphuthume endaweni yesigameko kulandela ukuthola imibiko ngengozi yesithuthuthu ku-North Coast Road.
Abakwa-KZNVIP Medics bafike endaqeni yesigameko bahlangabaezana nomshayeli wesithuthuthu elimele kanzima. Babe sebemphuthuma bemxilonga khona endaweni yesigameko njengoba isimo sakhe besisibi kakhulu.
OLUNYE UDABA: Izingozi eziningi emgaqweni ‘eshelelayo’ yase-KZN
Naphezu kwemizamo eminingi yokuhlenga umshayeli, kubikwa ukuthi kugcine kumenele umshayeli wahlonzwa njengoshonile khona endaweni yesigameko.
Izimo eziholele engozini zizophenywa yiziphathimandla ezifanele.
