Udilikajele kowabulala intombi yakhe mhla eyibuza ngezimali

INkantolo yeSifunda eScottburgh igwebe uFunokwakhe Alois Thabethe oneminyaka enhu-52 ubudala udilikajele ngemuva kokuhlambuluka evuma icala ngokuka-Section 112(2) of the Criminal Procedure Act 51 of 1997) lokubulala intombi yakhe ngoNovember 2024.

UThabethe wayethandana nomufi uMbali Mkhize, 25.

Ngesikhathi evuma icala, uthe umufi wayehlala ecela imali ethi uyokwenza umazisi kodwa engakwenzi lokho. Ngobusuku besigameko, wambuza ngemali ahlale eyithatha kwase kusuka ingxabano.

OLUNYE UDABA: Usesitokisini ‘owabulala unina, isidumbu wasiqoba wasifaka emabhakedeni’

Uthe wamshaya ngetshe ekhanda wase emklinya. Kuthe uma ebona ukuthi useshonile waphosa isidumbu sakhe eweni. Ngosuku olulandelayo watshela umshana wakhe ngomkhuba ayewugilile wamtshela ukuthi uzozinikela emaphoyiseni. UThabethe wabaleka endaweni kodwa waboshwa ngemuva kwesonto.

Ngesikhathi udaba selusenkantalo, ngemuva kokuhlambuluka kommangalelwa, uMshushisi u-Akhile Gcume wethule umbiko wabezenhlalakahle ochaza kabanzi ngomthelela wesigameko emndenini.

Umama kamufi uthe umndeni wonke usale uthuthumela ngenxa yesigameko. UThabethe ugwetshiwe futhi inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.

I-NPA iyakwemukela ukuphothulwa. Ukulwa nesihlava sodlame lobulili nokubulawa kwabesifazane kuseqhulwini kuyo, isho esitatimendeni.